UMnumzana Gibson Jama Sibanda (1944-24 August 2010)[1] waye yisizalwane seZimbabwe esasiphatheke kakhulu kwezombangazwe lamalungelo ezisebenzi. Wayengomunye wamalunga asungula ibandla eliphikisayo le Movement for Democratic Change[2][3][4] njalo kuthe ngesikhathi ebhubha ubengumsekeli kaMongameli wexuku elaliholwa yisikhwicamfundo uMnumzana Arthur Mutambara[5]. Wake waba nguMongameli wenhlanganiso emela amalungelo ezisebenzi eZimbabwe (Zimbabwe Congress of Trade unions), waqala wakhethwa ukuthi amele ezokhetho kukhetho lwamalunga ephalamende olwenziwa ngo2000. Wake waba lilunga lendlu yesinethi njalo waba yiminista ehofisini ka msekeli kaMkhokheli uMnu Arthur Mutambara ngesikhathi edlula kulomhlaba ngo2010[6].[7][1]
Impilo yakhe ekuqaleni
edituMnu. Sibanda wazalelwa eMfilabuso ngeZanzi yeMaNdebeleni[8]. Wafunda esikolo sefundo yaphezulu esaziwa ngokuthi yi Thekwane isiduzane lomuzi wakoBulawayo eMaNdebeleni. Wafunda kuviyo linye loPaul Tangi Mkondo njalo wafudiswa nguCannan Banana lo Edison Zvobgo. Waqhatshwa wasebenzela inkamapani kaloliwe weRhodesha (Rhodesia Railways). (Loliwe weZimbabwe Zimbabwe sokudlule umnyaka ka1980) njalo engakaphatheke ngezombangazwe wayelwela amalungelo ezisebenzi esesikhundleni sekaNobhala Kuhlelo lwezenhlalakahle (Welfare Secretary) kubandla lezombangazwe leZAPU[9]. (Wagwetshwa nguHulumende we Rhodesha kusekela ngo1976 kusiya ku1979. Sesithole uzibuse ngo1980 waqhubeka ngomsebenzi wakhe wokutshayela izitimela eNRZ, Ngalesi isikhathi eseNRZ waphatheka kakhulu ekulweleni kwamalungelo ezisebenzi waze waba nguMongameli we ZCTU. Ngesikhathi esifanayo wathuthukiswa yiNRZ waba ngufolomani we Running Shed njalo wanqoba kukhetho lwephalamende emele isiqinti saseNkulumane.
Ngo1984 uMnu Sibanda wakhethwa waba nguMongameli womanyano wamaqembu amele ukulwela amalungelo ezisebenzi amahlanu akaLoliwe. Wafunda wathola isicoco se Diploma ye Industrial Labour Relations njalo waba ngowokuqala umsekeli ka Mongameli kunhlanganiso elwela amalungelo ezisebenzi (Zimbabwe Congress of Trade Union) ngo 1988 phambi kokuba aqhubeke esenguMongameli kusukela ngo1989. Waye ngomunye wabaholi abaqhamuka lohlelo lwe ZCTU olokusungula iqembu lezombusazwe ngo2000, wakhethwa kungelampikiswano ukuba abengumsekeli kaMongameli kukhongolosi yabo yokuqala.
Imisebenzi yakhe kuMDC
editUMnu Sibanda wakhethwa ukuthi amele isiqinti saseNkulumane endlini yasephalamende kukhetho olwenziwa ngo2000 enqoba UMnu Dumiso Dabengwa owayemele ibandla leZANU-PF. Ngo 2005 uMnu Sibanda wakhokhela ixuku kuMDC elalilwela ukuthi iqembu labo lingene kukhetho lwesinethi yaseZimbabwe ababeqale balwenqaba. Ithe ikhansili kazwelonke yeMDC isivumelene ukusekela ukungena kukhetho, uMongameli weMDC uMnu Morgan Tsvangirai[10] wahlalisa phansi uMnu Sibanda labalandeli bakhe abafana lo Welshman Ncube, bemele ukuthi kwenziwe umhlangano kakhongolosi ngoNhlolanja ka2006. Bona bajika bathi uMnu Tsvangirayi nguntando kayiphikiswa bona yibo ngempela abasebemhlalisa phansi engenzi umsebenzi wenhlanganiso yeMDC.
Ukudabukana Phakathi kweMDC ngoMfumfu ka 2005[11] kwatshengisela ukuqhela kokungezwanani okwenza uMnu Tsvangirayi ukuthi angaboni ngalihlo linye lamanye amalunga amadala omhlangano kundaba ezithile eziphatheleni lokubekwa kwemithetho lokungena okhethweni.
UMnu Sibanda wakhethwa kusinethi ngokhetho lwamalunga epphalamende lukaMbimbitho ka 2008. Wancintisa ukuba nguMongameli weSinethi ngo 25 August 2008 esekelwa ngamaxuku wonke ayengezwani eMDC kodwa owayemela iZANU-PF uNkosikazi Edna Madzongwe[12] wanqoba ngamavoti angamatshumi amahlanu lasificamunwemibili (58) yena wathola angamatshumi amabili lasificamunwemibili (28).
UMnu Sibanda ubhubhe ngo 2010 elwisana lomkhuhlane wesifo somdlavuza/imvukuzane njalo ubelilunga lokuqala lebandla eliphikisayo ukuthi banike imbeko yeqhawe lelizwe ngamaqembu wonke eMDC, kodwa leso sicelo sokuba uMnu Gibson Sibanda angcwatshwe lapho okulele khona amanye amaqhawe esizwe kwenqatshwa nguMongameli Robert Mugabe[13].
- ↑ http://solidaritypeacetrust.org/815/gibson-jama-sibanda-1944-2010/
- ↑ https://www.britannica.com/place/Zimbabwe/Rhodesia-and-the-UDI#ref845813
- ↑ https://www.refworld.org/docid/3ae6ad8338.html
- ↑ https://www.eisa.org/wep/zimparties2.htm
- ↑ https://allafrica.com/stories/200602200171.html
- ↑ https://www.rfi.fr/en/africa/20100825-zimbabwean-mdc-co-founder-gibson-sibanda-dies
- ↑ https://allafrica.com/stories/201008241014.html
- ↑ https://web.archive.org/web/20230308154401/https://teachforall.org/professor-arthur-go-mutambara
- ↑ https://www.britannica.com/topic/Zimbabwe-African-Peoples-Union
- ↑ https://mg.co.za/article/2005-11-28-zimbabwes-mdc-suspends-leader/
- ↑ https://www.thenewhumanitarian.org/feature/2005/11/15/mdc-split-spells-doom-opposition-politics-say-analysts
- ↑ https://web.archive.org/web/20230308154401/http://archive.kubatana.net/html/archive/elec/051129herald.asp?sector=ELEC&range_start=1
- ↑ https://www.voazimbabwe.com/a/zimbabwe-mugabe-under-fire-for-denying-hero-status-to-sibanda-101505359/1459152.html